Kwabasekolose 3:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

2. nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

3. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;

4. nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.

5. Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,

6. okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu,

Kwabasekolose 3