Kwabasekolose 3:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

2. nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

3. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;

4. nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.

5. Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,

6. okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu,

7. ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho;

8. kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;

9. ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,

10. nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,

Kwabasekolose 3