20. Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:
21. “Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,”
22. okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu
23. ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.