1. Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo,
2. ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu,
3. okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.
4. Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga.
5. Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.
6. Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,
7. nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.
8. Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.
9. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;
10. nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,
11. enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;