Kwabasekolose 1:9-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,

10. nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,

11. niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;

12. nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,

13. owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;

14. okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,

15. yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,

16. ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;

17. yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;

18. yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,

Kwabasekolose 1