Kwabasekolose 1:7-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;

8. okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya.

9. Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,

10. nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,

11. niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;

12. nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,

13. owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;

14. okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,

15. yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,

16. ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;

17. yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;

18. yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,

19. ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo

20. nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.

21. Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,

22. nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,

23. uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.

Kwabasekolose 1