Kwabasekolose 1:25-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu,

26. ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;

27. okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;

28. okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,

29. engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Kwabasekolose 1