Kwabasekolose 1:17-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;

18. yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,

19. ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo

20. nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.

21. Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,

22. nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,

23. uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.

24. Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;

25. engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu,

26. ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;

Kwabasekolose 1