Kwabasekolose 1:12-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,

13. owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;

14. okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,

15. yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,

16. ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;

17. yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;

18. yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,

19. ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo

Kwabasekolose 1