15. Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.
16. Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.
17. Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
18. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.