2. Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho.
3. Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.
4. Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.
5. Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.
6. Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
7. Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?
8. Lokho kuyenga akuveli konibizayo.
9. Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke.
10. Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.
11. Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano.
12. Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.