14. Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
15. Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.
16. Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
17. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
18. Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
19. Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,