Kwabasegalathiya 5:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.

13. Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

14. Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

15. Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.

16. Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

Kwabasegalathiya 5