Kwabasegalathiya 5:12-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.

13. Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

14. Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

Kwabasegalathiya 5