Kwabasegalathiya 5:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

2. Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho.

3. Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.

Kwabasegalathiya 5