Kwabasegalathiya 4:20-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.

21. Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?

22. Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.

23. Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.

24. Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.

25. Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.

26. Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.

27. Ngokuba kulotshiwe ukuthi:“Thokoza wena nyumba ongazaliyo;mpompoloza wena ongenamihelo;ngokuba abantwana boyisikhwebu baningikunabakhe onendoda.”

28. Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.

29. Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.

30. Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.”

Kwabasegalathiya 4