2. kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili.
3. Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;
4. kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,
5. ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.
6. Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”
7. Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.
8. Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;