18. Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,
19. bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;
20. kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.
21. Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?
22. Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.
23. Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.
24. Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.
25. Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.
26. Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.
27. Ngokuba kulotshiwe ukuthi:“Thokoza wena nyumba ongazaliyo;mpompoloza wena ongenamihelo;ngokuba abantwana boyisikhwebu baningikunabakhe onendoda.”
28. Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso.
29. Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.