12. Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;
13. kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,
14. nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.