Kwabasegalathiya 4:12-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;

13. kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,

14. nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.

Kwabasegalathiya 4