Kwabasegalathiya 3:8-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”

9. Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo.

10. Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”

11. Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa;

12. ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho.

13. UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”

14. ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.

15. Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo.

16. Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.

Kwabasegalathiya 3