Kwabasegalathiya 3:10-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”

11. Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa;

12. ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho.

Kwabasegalathiya 3