Kwabasegalathiya 3:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?

2. Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

3. Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na?

4. Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze.

5. Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

6. Njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga.

7. Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama.

Kwabasegalathiya 3