Kwabasegalathiya 2:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi.

2. Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe, kepha phambi kwabadumileyo bebodwa, funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize.

3. Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke.

4. Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila,

5. esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.

6. Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto -- nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu -- ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.

7. Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo,

Kwabasegalathiya 2