Kwabasegalathiya 1:20-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani, phambi kukaNkulunkulu, angiqambi amanga.

21. Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya.

22. Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu,

23. abesezwile nje ukuthi: “Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha.”

24. Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.

Kwabasegalathiya 1