17. futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku.
18. Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu.
19. Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi.
20. Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani, phambi kukaNkulunkulu, angiqambi amanga.
21. Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya.
22. Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu,
23. abesezwile nje ukuthi: “Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha.”
24. Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.