Kwabasegalathiya 1:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,

2. nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya:

3. Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu

4. owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu;

5. makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen.

Kwabasegalathiya 1