Kwabasefilipi 4:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

10. Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba.

11. Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.

12. Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.

13. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.

14. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.

Kwabasefilipi 4