Kwabasefilipi 2:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;

21. ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.

22. Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.

23. Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi;

Kwabasefilipi 2