Kwabasefilipi 2:13-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.

14. Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi,

15. ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,

Kwabasefilipi 2