11. nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
12. Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,
13. ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.
14. Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi,
15. ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,
16. nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.
17. Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;
18. ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.
19. Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.
20. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;
21. ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.