Kwabasefilipi 2:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,

2. gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye;

3. ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,

4. yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.

5. Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu

6. owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu,

7. kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;

8. wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.

9. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke,

Kwabasefilipi 2