Kwabase-Efesu 6:3-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.

4. Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

5. Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama, balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,

6. ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo,

7. nikhonze ngothando kungathi kuseNkosini kungekubantu,

Kwabase-Efesu 6