Kwabase-Efesu 5:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,

9. ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,

10. nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,

11. ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;

12. ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

Kwabase-Efesu 5