Kwabase-Efesu 5:6-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.

7. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.

8. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,

9. ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,

10. nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,

11. ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;

12. ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

13. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.

14. Ngalokho uthi:“Phaphama wena oleleyo,uvuke kwabafileyo,uKristu uzakukukhanyisa.”

15. Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,

16. nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

17. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.

18. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,

19. niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,

20. nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,

21. nithobelane ngokumesaba uKristu.

22. Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,

Kwabase-Efesu 5