Kwabase-Efesu 5:6-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.

7. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.

8. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,

9. ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,

10. nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,

11. ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;

12. ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

13. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.

14. Ngalokho uthi:“Phaphama wena oleleyo,uvuke kwabafileyo,uKristu uzakukukhanyisa.”

15. Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,

16. nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

17. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.

18. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,

19. niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,

Kwabase-Efesu 5