6. Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
7. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.
8. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,
9. ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,
10. nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,
11. ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;
12. ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
13. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.
14. Ngalokho uthi:“Phaphama wena oleleyo,uvuke kwabafileyo,uKristu uzakukukhanyisa.”
15. Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,
16. nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
17. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.
18. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,
19. niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,