4. nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga.
5. Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
6. Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
7. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.
8. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,
9. ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,
10. nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,
11. ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;
12. ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.