Kwabase-Efesu 5:12-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

13. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.

14. Ngalokho uthi:“Phaphama wena oleleyo,uvuke kwabafileyo,uKristu uzakukukhanyisa.”

15. Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,

16. nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

17. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.

18. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,

19. niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,

20. nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,

21. nithobelane ngokumesaba uKristu.

22. Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,

23. ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.

24. Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.

25. Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo

26. ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,

27. ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala.

28. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.

29. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla;

30. ngokuba singamalungu omzimba wakhe.

Kwabase-Efesu 5