Kwabase-Efesu 4:4-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;

5. yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo;

6. munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.

7. Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu.

8. Ngalokho uthi:“Esenyukele phezuluwathumba abathunjiweyo,wapha abantu izipho.”

9. Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?

10. Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.

11. Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,

12. ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,

13. size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,

14. ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;

15. kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu,

16. okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.

17. Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,

Kwabase-Efesu 4