21. uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,
22. ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,
23. nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu,
24. nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
25. Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.
26. Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.
27. Ningamniki uSathane indawo.
28. Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.
29. Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.