Kwabase-Efesu 4:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,

2. ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando,

3. nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;

4. munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;

5. yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo;

6. munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.

7. Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu.

8. Ngalokho uthi:“Esenyukele phezuluwathumba abathunjiweyo,wapha abantu izipho.”

9. Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?

Kwabase-Efesu 4