Kwabase-Efesu 4:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,

2. ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando,

3. nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;

4. munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;

5. yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo;

6. munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.

7. Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu.

8. Ngalokho uthi:“Esenyukele phezuluwathumba abathunjiweyo,wapha abantu izipho.”

9. Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?

10. Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.

11. Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,

Kwabase-Efesu 4