6. ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;
7. engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.
8. Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo
9. nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke,
10. ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,
11. ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu;
12. okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye.
13. Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.
14. Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,