Kwabase-Efesu 3:4-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,

5. bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya

6. ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;

7. engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.

Kwabase-Efesu 3