Kwabase-Efesu 2:6-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,

7. kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.

8. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;

9. akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

10. Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

Kwabase-Efesu 2