Kwabase-Efesu 1:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,

10. kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;

11. kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,

12. ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;

13. kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso

14. oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.

Kwabase-Efesu 1