Kwabase-Efesu 1:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

6. ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;

7. esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe

8. awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,

9. esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,

10. kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;

11. kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,

Kwabase-Efesu 1