Kwabase-Efesu 1:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;

5. wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

6. ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;

7. esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe

8. awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,

9. esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,

Kwabase-Efesu 1