1. Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,
2. bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
3. Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.
4. Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,
5. wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,
6. amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,
7. ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
8. Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;
9. kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.
10. Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male,
11. wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena.
12. Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika.
13. UZena, ummeli, no-Apholo wobahambisa ngokunakekela, bangasweli lutho.
14. Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.
15. Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni.Umusa mawube nani nonke.