Kuthithu 1:14-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.

15. Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo.

16. Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.

Kuthithu 1