10. Ngokuba baningi abangalaleliyo abakhuluma ize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,
11. abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.
12. Omunye kubona, umprofethi wakubo, washo wathi:“AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo,izilwane ezimbi,iziminzi ezivilaphayo.”
13. Lobo bufakazi buqinisile. Ngalokho-ke ubayalisise, ukuze baphile ekukholweni,
14. benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.
15. Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo.
16. Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.